Owabakhubazekile Uvale Ngedumela

 
Photo credit: Darren Goddard

Photo credit: Darren Goddard

 

Isimo sezulu sivumele abagibeli abakhubazekile bamazwe ngamazwe ukuba bakhiphe onke amandla nomfutho osele ngosuku lokugcina lwe-2015 UCI Para-cycling Road World Cup ebibanjelwe eMgungundlovu ngempelasonto. Phezu kwawo wonke umfutho ofakwe abagibeli nalabo ababasekele, baningi abebesebenza nabagqugquzeli ukuze lomqhudelwano ube impumelelo futhi ube sezingeni lemijaho yomhlaba.

Bekuqala ngqa ukuba imiqhudelwano yendebe yomhlaba yabakhubazekile ukuba isakazwe bukhoma okwenze ukuba izinkulungane ngezinkulungane zababukeli zikwazi ukubuka imijaho noma ngabe bekuphi emhlabeni jikelele. Kukho konke, akukho okudlula igalelo elenziwe ibo bonke abagibeli bencintisana njengoba bekhubazekile okungomukhulu umzabalazo kulezizinsuku ezintathu.

Iqembu labesilisa lase-Australia lidle ubhedu esigabeni se-C6 ngokuwina izindondo zegolide nesiliva emuva kokuba uMichel Gallagher egqashulile ngomzukiswano wesibili kwimizukiswano eyishuminambili ebe iyibanga elingamashumi ayisithupha.

“umjaho ubuphuthuma sisaqala,” kusho uGallagher. “Ngikwazile ukuthi ngigqashule emuva kokuba uzakwethu engivulele upotsho okungisizile kakhulu. Bengizithemba yize bekusasele ibanga elingamakhilomitha angamashumi ayisithupha ngesikhathi ngigqashula. Belisalide ibanga kodwa ngikwazile ukubavimba. Nginyuse izinga lokushowa ezintabeni ngesikhathi sekuya ngasemaphethelweni.”

Umgibeli waseMzansi Afrika uCraig Ridgard ubengakholwa emuva kokuba ewine indondo yesiliva walandelwa u-Israel Hilario Rimas wasePeru owine indondo yethusi enjahweni wabesilisa esigabeni se-C2. “Umjaho uhambe kahle yize bekuphithizela. Ngicela ukubonga abagqugquzeli bakulelizwe kanye nenhlangano ephethe abagibeli abakhubazekile ngokuhlanganisa umcimbi obe impumelelo kangaka futhi oveze lelizwe ngendlela enhle. Ngiyakujabulela ukuthola indondo yesiliva kanti kumnandi ukuvala unyaka wamabhayisikili ngalendlela.”

Umjaho wabakhubazele ngokokubona futhi abaphelezelwayo uvale ngendumezulu. Umgubeli oyimpumputhe noma ongaboni uhlala ngemuva bese umsizi wakhe futhi ongumshayeli ahlale ngaphambili ebhayisikilini. Iqembu laseSpain lidle ubhedu ngesikhathi u Carlos Gonzalez Garcia noNoel Martin Infante bethatha indondo yegolide kanti ozakwabo u-Ignacio Rodriguez noJoan Bertoli bethatha indondo yesiliva. Indondo yethusi ithathwe abagibeli baseNgilandi uStephen Bate noAdam Duggleby abashiye abagibeli baseCanada kubangwa indawo yesithathu.

Iqembu laseNgilandi likaLora Turnham noCorrine Hall lishiye iqembu laseBelgium kanye nelaseSpain likhamisile emjahweni wabesimame. “Bekumnandi ukunqoba abagibeli abangompethaemhlabeni futhi ngonqobe emujahweni okalelwa iskhathi kanye nasemjahweni womgwaqo. Indlela emnandi yokuqeda ukuqhudelana endebeni yomhlaba. Izwe laseMzansi Afrika lisiphathe kahle,” kusho uTurnham.

Intokazi ewu-Anna Harkowska uthathe isinqumo esisabekayo ngesikhathi ehlasela uKerstin Branctendorf waseKalimane sekusele ikhilomitha kuphele umjaho ukuze awine indondo yegolida esigabeni se-C5. “Ngeneme ngendondo yami nangendawo engiqede kuyo. Bengibanjwe amajaqamba uma ngithi ngiyasukuma ngoba uma kubanda vele ajwayele ukungibamba. Kumnandi kulamazwe onke avakashele lana eMzansi Afrika kodwa kea bantu kumele beze bezosibuka. Lomcimbi, ikakhulukazi njengoba kade ubukwa kumabonakude, uhambe kahle kakhulu. Namuhla ekuseni ngivuke ngabuka umjaho wabagibela ngababili beshikilisana okungikhombisile ukuba kumnandi kulaba ababuka besemakhaya.

Iqembu laseMelika liyivale kahle impelasonto ngokuthatha igolide emjahweni wamaqembu obungenelwa amalunga amathathu iqembu lilinye. Umgibeli emunye ubezungeza kathathu okusho ukuthi iqembu lilinye beligcina lizungeze izihlandla eziyisishiyagalolunye. Iqembu laseBelgium liphume isibili kanti indawo yesithathu ithathwe iqembu laseJalimane.

Uqondisi wezabakhubazekile kwinhlangano emele ezamabhayisikili uDokotela uMike Burns uthe iqembu lakulelizwe lenze kahle kanti futhi bayazigqaja ngezindondo abazitholile.

“Izindondo azicoshwa phansi kumqhudelwano ofana nalona okwenza kube mnandi kakhulu ukuba sibe iqembu lokuqala ukuthola indondo,” kusho uBurns. Kuthe uma sekuhlanganiswe konke emuva kosuku lokuqala kukhalwa izikhathi nangosuku lwesibili, besingabesithathu etafuleni lamazwe omhlaba kanti asikaze senze kahle kanjena.”

Ephawula ngomcimbi wonke, uMengameli wezamabhayisikili kulelizwe kwi-Cycling South Africa uWilliam Newman uthe: “Konke kuhambe kahle kanti futhi nabagibeli bakhombisile ukuthi akukho okubahlulawo futhi abazibuki njengabantu abakhubazekile. Phezu kwalokho, bakhombisile nokuthi bangadlala nakunoma iliphi izinga ukuze balethe isithunzi kulelizwe. Bakhombise izinga eliphezulu lokugibela kuzo zonke izigaba futhi siyababongela bonke.

Indebe yomhlaba wamabhayisikili kwabakhubazekileyo idlalelwe eMgundundlovu ezindaweni ezahlukeneyo. Umjaho wokukalelwa ngewashi [time trial] wona ubanjelwe eMidmar Dam ngoLwesihlanu kanti umqhudelwano wamabhayisikili omgwaqo ubanjelwe e-Alexandra Park ngoMgqibelo nangeSonto. Uma ufuna ukuthola imiphumelo ephelele neminye imininingwane, vakashela ku-http://www.cyclingsa.com/2015-uci-para-road-world-cup/.

Imiphumelo – 2015 Para-cycling Road World Cup Pietermaritzburg

NgeSonto, 13 September 2015 – Road Races

Abesilisa - C4 (73.8km – 12 laps)
1.Jozef Metelka (SVK) 01:53:35
2.Kyle Bridgwood (AUS) 01:53:35
3.Sergey Pudov (RUS) 01:53:35

Abesilisa - C5 (73.8km – 12 laps)
1.Michael Gallagher (AUS) 01:48:22
2.Alistair Donohoe (AUS) 01:49:55
3.Daniel Abraham Gebru (NED) 01:49:57

Abesilisa - C1 (55.4km – 9 laps)
1.Michael Teuber (GER) 01:28:01
2.Matthew Bigos (USA) 01:28:08
3.Arnoud Nijhuis (NED) 01:34:07

Abesilisa - C2 (55.4km – 9 laps)
1.Maurice Eckhard Tio (ESP) 01:27:11
2.Craig Ridgard (RSA) 01:28:01
3.Israel Hilario Rimas (PER) 01:28:01

Abesilisa - C3 (55.4km – 9 laps)
1.David Nicholas (AUS) 01:27:34
2.Kris Bosmans (BEL) 01:27:54
3.Eduardo Santas Asensio (ESP) 01:27:54

Abesilisa - B (92.3km – 15 laps)
1.Carlos Gonzalez Garcia/Noel Martin Infante (ESP) 02:05:49
2.Ignacio Avila Rodriguez/Joan Font Bertoli (ESP) 02:06:14
3.Stephen Bate/Adam Duggleby (GBR) 02:08:48

Abesimame - B (73.8km – 12 laps)
1.Lora Turnham/Corrine Hall (GBR) 02:03:27
2.Anita de Coster/Caren Commisaris (BEL) Independent 02:03:27
3.Josefa Benitez Guzman/Beatriu Gomez Franquet (ESP) 02:03:27

Abesimame - C4 (55.4km – 9 laps)
1.Shawn Morelli (USA) 01:34:07
2.Susan Powell (AUS) 01:39:08
3.Elizabeth Saul (GBR) 01:42:49

Abesimame - C5 (55.4km – 9 laps)
1.Anna Harkowska (POL) 01:33:18
2.Kerstin Brachtendorf (GER) 01:33:20
3.Nicole Clermont (CAN) 01:33:50

Abesimame - C2 (43.0km – 7 laps)
1.Allison Jones (USA) 01:20:03
2.Tereza Diepoldova (CZE – Independent) 01:24:03
3.Sally Hurst (GBR) 01:26:48

Abesimame - C3 (43.0km – 7 laps)
1.Jamie Whitmore Cardenas (USA) 01:20:03
2.Simone Kennedy (AUS) 01:21:55

Team Relay (12.6 km – 9 laps of 1.4km)
1.USA [Matthew UPDIKE (MH3)/William GROULX (MH2)/Oscar SANCHEZ (MH5)]
2.BEL [Jean Francois DEBERG (MH3)/Christophe HINDRICQ (MH2)/Jonas VAN DE STEENE (MH4)]
3.GER [Max WEBER (MH3)/Mariusz FRANKOWSKI (MH2)/Vico Merklein (MH4)]