Indebe Yomhlaba Yabakhubazekile Iqale Ngesivuvu

Simon Makgobela

Simon Makgobela

Ikhomazi nezivunguvungu zomoya azibavimbanga abangibeli bamabhayisikili abakhubazekile ukuba babe yingxenye ye2015 UCI Para-cycling Road World Cup ngoLwesihlanu eMidmar Dam eMgungundlovu. Kululomjaho obuhanjelwe abagibeli abaqhamuka emazweni angamashumi amabili nanhlanu [25], abagibeli bebeqhudelana bejaha iwashi [time trials] hhayi ozakwabo.

Lomqhudelwano oqale kusa edamini ubone abagibeli abangaboni emehlweni bephelezelwa ababonayo begijima ibanga elingamakilomitha ayisishiyagalombili belijikeleza kathathu okwenze amakhilomitha angamashumi amabili nane [24km]. Esigabeni sesibili kujikelezwe kabili okube amakhilomitha ayishumi nesithupha [16km].

Ngoba izigaba zokukhubazeka ziyashiyana, abagibeli babekwa ezigabeni ezahlukahlukeneyo. Abanye banayo imilenze kodwa ayisebenzi, abanye abanawo owodwa, abanye yombili, abanye abanayo ingalo kanti abanye ababoni ngokuphelele. Lokhu kusho ukuthi abagibeli baqhudelana ngezinga labo lokukhubazeka.

Abagibeli baseNgilandi oStephen Bate noAdam Duggleby bazitholele indondo yegolide esigabeni sabo u-B Class emuva kokujikeleza kathathu beqeda amakhilomitha angamashumi amabili nane esikhathini esiyimizuzu engu 29m:49sec.58. Bathe basithokozele isimo sezulu esipholile ngoba sibasebenzele.

“ Yize besazi ukuba sinaso isivinini esanele, besingazi ukuba sisheshe kangakanani kodwa ebezikufuna nje indondo,” kusho u Bate. “Bebelokhu besitshela ukuthi sikude kangakanani kunabanye abagibeli okusenze sazi ukuba sense kahle kodwa kusimangazile uma sesithola ukuthi siwine indondo yegolide, kwaze kwamnandi.”

“sibenenhlanhla nje ukuba isimo sezulu besithi asifane nesasekhaya eNgilandi okusisizile kakhulu. Kulonyaka, imiqhudelwano yethu eminingi ibisezindaweni ezishisayo kakhulu okungalisungele thina. Umgwaqo ebesiqhudelana kuwo kanye nesimo sezulu kuvumelane nathi kakhulu namuhlanje kanti nemiphumela iyakhombisa. Besiqhudelana nabagibeli abebesezingeni eliphezulu kakhulu namhlanje, okwenza kube mnandi kakhulu ukkunqoba lomjaho.”

Umgibeli wase-Australia u-Alistair Donohoe uwine kwizinga labesilisa i-C5 kanti uzakwabo u-Kyle Bridgwood yena uwine kwisigaba se-C4.

Umgibeli uBridgwood ongowokuzalwa khona lapha eNgingizimu Afrika wawujoyina eminyakeni emithathu lomqhudelwano kanti ubengenaso isiqiniseko ukuba agijime kanjani lomjaho. “Bekunzima sisaqala ngoba besibhekene nomoya uphambana nathi kodwa kubengconywana sesibuya ngoba umoya ukusidudula.”

Iqembu labesimame laseNgilandi nalo lihlomulile njengozakwabo besilisa ngesikhathi u Lora Turnham noCorrine bewina indondo yegolideku-B Race esikhathini esiyimizuzu engu- 34m:44sec.15, esikhathini esingango 0.09 seconds ngaphambi kukaOdette van Deudekom noKim van Dijk abaseDashi (Nederlands) abawine indondo yesiliva. Endaweni yesithathu abawine indondo yethusi kube u Robbi Weldon kanye noAudrey Lemieux abaseKhanada.

Umqondisi wemijaho yabakhubazekile kwezamabhayisikili kwiCycling South Africa uMike Burns uthe kuyamjabulisa ngendlela izinto ezihambe ngayo. “Wonke umcimbi uhlelwe kahle kanti zonke izinto ezidingekayo zikhona. Ekuseni imijaho iqale ngendlela ebekulindeleke ukuba iqale ngayo kanti abanye abagibeli bebeqala ukuqhudelana emncintiswaneni wamazwe ngamazwe kanti benze kahle.

“Abagibeli bethu ababili uDane Wilson kanye noJuan Odendaal basebenzina lomqhudelwano ukulungiselela umqhudelwano ozobe useMachester maduze ukuze bazijwayeze ukuqhudelana emdlalweni omkhulu njengalona ohlelwe abagqugquzeli bezamabhayisikili umhlaba wonke i-UCI kanti futhi benze kahle.”

Abagibeli baseMelika bathathe izindondo ezintathu zegolide kumzukuswano wesibili kanti uMzansi Afrika uthole indondo yawo yokuwala ngesikhathi uGoldy Fuchs eqeda esigabeni se-T2 engowesithathu.

“Umjaho uhambe kahle kanti ngizame ngawo wonke amandla enginawo,” kusho uFuchs. “Umoya ubuqinile kodwa ngiwujwayele ngoba ngingowaseKapa. Ukuba owazekapa kubuye kusize ngoba ngijwayelele khona izintaba nokunyuka.”

Oqhamuka eGhana kwizwekazi lase-Afrika u-Alex Mumuni uthe kuyamjabulisa ukuzoqhudelana kumncintiswano ofana nalona, ikakhulukazi ube ungowokuqala kwizwekazi lase-Afrika. “Ave kumnandi ukuthi lomdlalo womhlaba uze e-Afrika yize kungidabukila ukuthi umqhudelwano wami wokuqala amuva konyaka bengigula. Ngiyazikhandla ukuze ngibuye ngamandla.”

Lensizwa yakwaMumuni kuyayithinta ukuba amazwe ase-Afrika kumele athathe igalelo labantu abakhubazekile abalenzayo emphakathini. “Izwekazi lase-Afrika kumele libone ukuthi abantu abakhubazekile bayafana futhi bayalingana nabanye abantu. Akukho esingakwazi ukukwenza uma sinikwa ithuba, okusho ukuba likhulu igalelo esingaba nalo ekuthuthukiseni amazwe esiqhamuka kuwona,”

UMeya kaMasipala waseMgungundlovu uKhansela uYusuf bhamjee ukhulume ngosinga olumuvukayo njengoba ebekade ebukele lemijaho. “Kwenza ucabange kabusha uma ubona labadlali ngendlela ababila ngayo izimpilo zabo. Konke lokhu kungikhumbuza umoya kaMadiba owayehlale egcizelela ukuphumelela komoya wobuntu kanti lomdlalo wamabhayisikili wabakhubazekile umayelana nalokho. Ungithathile lomdlalo futhi ungenza ngicabange ukuthi bangaki abantu abenza izinto zenzeke. Futhi ungenza ngicabange lesisho esithi “ngakhala ngoba ngingenazicathulo kodwa ngathula uma sengibona umuntu ongenazo izinyawo.”

Mayelana nokuba iWorld Cup izobe iseMzansi Afrika ngonyaka ozayo kanye nePara-cycling World Champs ngo2017, uBhamjee uthe: Ngicela nibuye eMzansi Afrika nizobona lendawo nabantu bakhona abanobuntu nomoya ofudumele.”

Uhla lwemiphumela ye-2015 Para-cycling Road World Cup eMgungundlovu

Imiphumela egcwele, vakashela ku: http://www.cyclingsa.com/2015-uci-para-road-world-cup/

Umzukiswano wokuqala

Abesilisa - B TT (24km – 3laps)
1.Stephen Bate/Adam Duggleby (GBR) 29:49.58
2.Aaron Scheides/Benjamin Collins (USA) 30:00.25
3.Carlos Gonzalez Garcia/Noel Martin Infante (ESP) 30:03.89

Abesilisa - C5 TT (24km – 3laps)
1.Alistair Donohoe (AUS) 31:49.26
2.Wolfgang Eibeck (AUT) 32:24.29
3.Daniel Abraham Gebru (NED) 32:32.80

Abesilisa - C4 TT (24km – 3laps)
1.Kyle Bridgwood (AUS) 32:29.70
2.Jozef Metelka (SVK) 32:42.57
3.Patrik Kuril (SVK) 33:00.63

Abesilisa - C3 TT (24km – 3laps)
1.Steffen Warias (GER) 34:22.12
2.Eduardo Santas Asensio (ESP) 34:49.68
3.Sergey Ustinov (RUS) 35:12.51

Abesimame - B TT (24km – 3laps)
1.Lora Turnham/Corrine Hall (GBR) 34:44.15
2.Odette van Deudekom/Kim van Dijk (NED) 34:44.24
3.Robbi Weldon/Audrey Lemieux (CAN) 36:09.86

Umzukiswano wesibili

Abesimame - C5 (16km – 2laps)
1.Anna Harkowska (POL) 25:18.78
2.Nicole Clermont (CAN) 25:46.86
3.Kerstin Brachtendorf (GER) 25:52.64

Abesimame - C4 (16km – 2laps)
1.Shawn Morelli (USA) 25:44.44
2.Susan Powell (AUS) 26:43.08
3.Marie-Claude (CAN) 27:19.75

Abesimame - C2 (16km – 2laps)
1.Arslan (Gilmutdinov (RUS) 23:59.55
2.Maurice Eckhard (ESP) 24:06.31
3.Ivo Koblasa (Independent) 24:13.31

Abesimame - C3 (16km – 2laps)
1.Jamie Whitmore Cardenas (USA) 26:19.81
2.Simone Kennedy (AUS) 30:42.54

Abesilisa C1 (16km – 2laps)
1.Michael Teuber (GER) 25:06.49
2.Juan Jose Mendez (ESP) 25:49.23
3.Arnoud Nijhuis (NED) 26:27.67

Abesimame - C2 (16km – 2laps)
1.Allison Jones (USA) 29:10.62
2.Tereza Diepoldova (Independent) 30:20.04
3.Sally Hurst (GBR) 32:06.08

Abesilisa T2 (16km – 2laps)
1.Hans-Peter Durst (GER) 28:33.35
2.Ryan Boyle (USA) 29:13.39
3.Goldy Fuchs (RSA) 30:14.54

Abesimame - T2 (16km – 2laps)
1.Carol Cooke (AUS) 31:58.15
2.Jill Walsh (USA) 34:04.08
3.Jana Majunke (GER) 35:47.53